Ugwetshiwe owadayisa ingane efuna eyokuthenga i-iPhone

2016-03-09 14:31

Beijing – Umlisa oneminyaka engu-19 ubudala waseChina uboshiwe ngemuva kokudayisa ingane enezinsuku ezingu-18 izelw engoba efuna ukuthenga i-iPhone nesithuthuthu, ngokusho kwemibiko.

“UDuan” wadayisela indodakazi yakhe umuntu angamazi ngonyaka odlule ngemali engalinganiselwa ku-R54 500, kubika iThe Epoch Times.

Ingane wayidayisa enkundleni yezokuxhumama, i-QQ, yathengwa ngumuntu owayithengela udadewabo.

UDuan, ohlala eTong'an, esifundazweni saseFujian, waboshwa ngemuva kokuba owathenga ingane ezinikele emaphoyiseni.

Funda nalolu daba: Imiphumela itshengisa ukuthi amawele anobaba abehlukene

Umama wengane, uXiao Mei, naye waboshwa ngamaphoyisa ngemuva kokubalekela kwelinye idolobha.

Umama wengane uthi wayengazi ukuthi akukho semthethweni ukudayisa ingane.

UDuan uzobhadla iminyaka emithathu ejele, kanti uMei ulengiselwe isigwebo sakhe ngokombiko wePeople's Daily Online.

*Amagama abazali bengane asetshenziswe lapha akuwona awangempela ngokombiko wabezindaba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...