Ugwetshiwe owabulala umyeni wakhe namasoka amabili

2017-11-12 08:45

Tokyo – Ngesikhathi kugwetshwa lowo owaziwa ngele"black widow" eJapan, utshele inkantolo ukuthi noma angabulawa kepha uyofa ehleka.

"Ngisho noma ngingabulawa kusasa, engikwaziyo ngiyofa ngimamatheka," kusho uChisako Kakehi etshela amajaji ngesikhathi ethula ubufakazi enkantolo ngoJulayi, kubika i-AFP.

NgoLwesibili, iNkantolo yesiFunda yaseKyoto igwebe lo wesifazane, 70, isigwebo sentambo ngokubulala umyeni wakhe kanye namanye amasoka akhe amabili, kanjalo nokuzama ukubulala enye indoda.

Kuwona womane amacala, abashushisi baveze ukuthi uKakehi wayeyenga izithandwa zakhe ekutheni ziphuze ushevu i-cyanide, eqamba amanga ethi yisiphuzo esibuyisa igazi, ukuze athole amafa kanye nemishwalense ayeyisuke isivuthiwe, kubika iJapan Times.

OLUNYE UDABA: Usazohlala esitokisini umhlengikazi 'owabulala' umyeni

UKakehi kuthiwa wayekuhlela kahle ukubulala la madoda, alungise imaphepha ukuqinisekisa ukuthi nguye ozothola izimali zawo uma engasekho emhlabeni, kusho abashushisi.

Wonke la madoda awabulala ayengaphezu kweminyaka engu-70 ubudala, ngokusho kobufakazi.

Eminyakeni eyishumi uKakehi wathola amafa esamba esingu-$10 million ngemishwalense, kuqhuba umbiko we-AFP, kepha eningi yalahleka njengoba wayehweba ngayo.

Waboshwa ngo-2014 ngemuva kokutholakala kwesidumbu somyeni wakhe wesine emzini wabo ngemuva kwenyanga beshadile.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...