Ugwetshiwe owabhoncula ipayipi likaphethiloli wathela omunye kuxatshanwa

2017-05-13 10:57

Pennsylvania — Owesifazane wasePennsylvania owathela omunye ngophethiloli ngesikhathi kuqubuka ingxabano ngenxa yokuthi wayebhema ebe ethela uphethiloli egalaji, ugwetshiwe.

Amaphoyisa athi umhlali waseMeshoppen, uKimberly Brinton, wayefaka uphethiloli emotweni yakhe egalaji ebe ebhema usikilidi eMehoopany Dandy Mart.

Kwathi uma uTami Donovan emtshela ukuthi lokhu akwenzayo akuvumelekile futhi kubeka abanye abantu engozini, wavele wabhoncula ipayipi likaphethiloli ethangini lemoto wamthela ngawo.

OLUNYE UDABA: "Ngangithi ngiyamthusa ngokumthela ngophethiloli ngimshiya esigangeni"

Kwaba nokuqophisana kwamagama okwaholela ekutheni uDonovan athele usikilidi kaBrinton ngamanzi.

Kuthiwa yilapho-ke uBrixton adinwa khona wasabisa ngokokhela uDonovan ngomlilo ngaphambi kokuba ambunyele ngophethiloli.

UDonovan washelela ngesikhathi ephuma emotweni yakhe wase ephuka ingalo.

Imibiko ye-WNEP-TV ithi uBrinton ulivumile icala wabe esegwetshwa iminyaka eyisithupha ebhadla ejele.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...