Ugwaze uyise, wabulala izingane zakubo 'obefuna ukusala yedwa endlini'

2017-10-18 16:04

Colorado Springs – Ibhungu elineminyaka engu-19 ubudala elisolwa ngokubulala izingane zakubo ezincane ezimbili nokulimaza ubaba walo eColorado litshele abaphenyi ukuthi lenze lokhu ngoba lifuna ukusala lodwa kubo, kusho amaphepha asenkantolo.

Amaphoyisa abizelwe kulo muzi ngoLwesibili athola intombazane, 5, nomfana, 7, kanye nobaba wabo begwaziwe, kusho okhulumela amaphoyisa uLt. Howard Black.

Abomthetho bazamile ukusindisa lezi zingane, ngeshwa zashonela esibhedlela ngokuhamba kwesikhathi.

Ubaba wazo, uJefferson Murphy, usesimweni esibucayi kodwa esethembisayo ngemuva kokuthi indodana yakhe imbhokode ngommese, kusho uBlack.

UMalik Vincent Murphy ube esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela wabekwa amacala amabili okubulala, kanti akucaci noma unaye yini ummeli.

OLUNYE UDABA: Ulivumile icala owenza abazali bakhe isishebo

Incwadi efungelwe yokuboshwa kwakhe iveza ukuthi leli bhungu lathenga ummese ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngenhloso yokubulala umndeni walo bese izidumbu lizigqiba emuva kwendlu.

Ubaba utshele abaseshi ukuthi lo mfana wake wakhuluma ngokubulala umndeni wakhe.

UMalik Murphy wake waboshwa ngoMashi e-Illinois esolwa ngokokhela imoto yabazali bakhe ngomlilo.

Abazali bakhe batshela amaphoyisa ukuthi uMalik unokuphazamiseka ngokomqondo base becela ukuthi angashushiswa ngaleli cala elenzeka ngoMashi.

Kuthiwa abomthetho bavuma ukuhoxisa leli cala ngombandela wokuthi uMalik uthola usizo lwezempilo.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...