Ugogo uzibelethele umzukulu

2016-01-08 17:29

Plano, Texas - Owesifazane waseNorth Texas ubelethe umzukulu wakhe ngemuva kokuthwalela indodakazi yakhe ingane.

UTracey Thompson, 54, wasePlano ubelethe ingane yentombaznae ngemuva kokuthwalela ingane yakhe yentombazane eneminyaka engu-28 ubudala uKelly McKissack.

Odokotela eMedical Center yasePlano bathi uMcKissack nomyeni wakhe u-Arron sebaphuphunyelwa yizisu kathathu kulandela ukuthatha imishanguzo yokuvundisa isibeletho.

OLUNYE UDABA: Isalukazi, 65, sikhulelwe amawele amane

Ngokusho kwesitatimende sesibhedlela esikhishwe ngoLwesine izithandani zaseWylie, eTexas  besezisalelwe amaqanda amane okwenze ukuba uThomson acele ukubathwalela ingane yize eseneminyaka engu-7 agcina ukungena esikhathini.

Amaqanda afakwa esibelethweni sikaThompson ngo-Ephreli odlule.

AbakwaMcKissack bethe ingane igama elithi Kelcey okuhlanganiswe igama likagogo wayo nomama wayo. Ugogo nengane masesimeni esikahle.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...