Ugcwele amathafa owesifazane 'owadlisa umyeni ushevu' esekhathele ucansi

2017-03-10 19:30

New York - Iziphathimandla zedolobha iLas Vegas zicela usizo emphakathini ngokufuniswa owesifazane ovume icala lokudlisa umyeni wakhe ushevu ngoba esekhathele ukzuzibandakanya naye ocansini.

U-Andrea Heming, 49, utshele amaphoyisa ukuthi wafaka i-acid ekudleni komyeni wakhe uRalph Heming ngenhloso yokumyekisa ukuzibandakanya naye ocansini uma elele. 

URalph Heming wakhishwa yisisu waphuma igazi ngamakhala izinyanga eziyisithupha ngemuva kokudla ukudla okune-acid.

UHeming ulivumile icala wadedelwa ngebheyili njengoba esalinde usuku lokugwetshwa.

Sekuphele iminyaka emibili egcwele amathafa kanti iziphathimandla zikholwa wukuthi ubalekele kwelakubo eMexico.

OLUNYE UDABA: Umfana, 11, uthenge ucansi kumqwayizi, 31

URalph Heming washayela amaphoyisa ngemuva kokuthola i-video etshengisa inkosikazi yakhe ifaka impuphu emhlophe ekudleni kwakhe kuphela.

Abaseshi baphosa ngemibuzo uHeming ngodaba wase eyaboshwa kulandela ukuzisholo yena ukuthi wafaka i-acid ekudleni komyeni wakhe ngemizamo yokumthena amandla.

"Ngamfakela i-acid ngoba ngifuna angabe esavukelwa hhayi ngoba ngangifuna ukumbulala."

Umuthi awufakela umyeni wakhe kuthiwa wawubheka kwi-internet kanti usetshenziselwa ukubulala izinambuzane endlini.

Uma uHeming etholakala enecala angase agwetshwe iminyaka engu-12 ebhadle ejele.

 - Fox5ny

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C High level clouds. Mild. Pta: 5-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...