Ufune idivosi umkhwenyana ebona unkosikazi engaziphophothile kwi-honeymoon

2016-10-25 19:29

Asia - Umkhenyana ufune idivosi ngemuva kokubona ubuso benkosikazi yakhe bungaphophothiwe kwi-honeymoon.

Udokotela u-Abdul Aziz Asaf uthe le ndoda yayiswele umgodi wokucasha ngesikhathi ibona inkosikazi yayo ingaziphophothile.

Lezi zithandani zazisolwandle lwase-Al Mamzar eSharjah, lapho imake-up yasuswa khona ngamanzi.

OLUNYE UDABA: Usale emabokoboko oficwe umyeni wakhe efaka i-makeup

Le ndoda yabona inkosikazi yayo eneminyaka engu-24 ubudala ingayingcobisile imake-up, ingenazo izinkophe zokufakelwa kanye nama-contact lenses okokuqala ngqa.

Kuthiwa kuningi okungayichazanga le ndoda njengoba yabona nokuthi inkosikazi yake yaya nakwadokotela iyokwenza ubuso.

Umkhenyana ufuna idivosi ngokushesha kanti futhi akafunanga ngisho nokuzama ukulungisa umshado wabo, kusho udokotela u-Asaf.

  - wwwn

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...