Udubule wabulala ubaba wengane efuna 'o-like' abaningi ku-youtube

2017-06-30 16:00

Minnesota - Intombazane yaseMinnesota, eMelika, ibhekene necala lokubulala ngemuva kokudubula abulale isoka layo ngoba ifuna o-like abaningi enkundleni uYouTube, kubika iThe Citizen.

UMonalisa Perez ubhale enkundleni iTwitter ukuthi uhlela ukudubula isoka lakhe futhi uzoqopha i-vidiyo ethusa kunawo wonke.

“Mina noPedro sizokwenza i-vidiyo esabeka kunawo wonke enike nawabona,” kusho uMonalisa enkundleni yezokuxhumana.

 Kule nkundla uMonalisa uthole o-like abangu-1,8271,827 kanti lokhu kusabalale ezinkundleni kwabonwa abantu abangaphezu kuka-2,1792,179.

Le ntokazi eneminyaka engu-19 ubudala idubule uPedro Ruiz esifubeni ebambe i-encyclopedia yokuzivikela.

OLUNYE UDABA:Ushayise imoto yamaphoyisa obeshutha i-selfie engagqokile

Le ntokazi ishayele amaphoyisa ngoMsombuluko ebusuku isoka lingasaphaphami yawabikela ukuthi bebenza ividiyo kodwa isoka ladubuleka ngephutha esifubeni.

Le ntokazi ithi yisoka elaligqugquzela ukuthi benze levidiyo laze lamubonisa nencwadi ezofundisa ukuthi kudutshulwa kanjani.

“Uyena owaqhamuka nalelisu ethi uma sithola o-like abaningi kakhulu sizokwenza umcimbi. Ngiqale ngangabaza ukusetshenziswa kwesibhamu kodwa ubelokhu engigqugquzela ethi sizothola udumo,” kusho le ntokazi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...