Udokotela usolwa ngokuthelela abantu nge-HIV

2018-02-07 18:00

New Delhi – Izwe laseNdiya liyaphenya ngezinsolo ngodokotela othelele abantu ababalelwa kwabangu-46 ngegciwane lesandulela ngculazi (HIV) ngokusebenzisa imijovo esisebenzile.

Amaphoyisa ase-Uttar Pradesh avulele icala udokotela, obehambela abantu abahluphekayo emizini yabo enyakatho yezwe.

Izwe iNdiya linezikhungo zempilo ezinyingcosana, kanti nokungabikho kwemithetho eqinile kwenza sikhule isibalo sodokotela abangekho emthethweni, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

Isigameko sakamuva sivele ngesikhathi uhulumeni ethola isibalo sabantu abaningi abane-HIV endaweni yase-Unnao, e-Uttar Pradesh.

OLUNYE UDABA: Umama ugwaze wabulala izingane zakhe

Oyisikhulu sezempilo e-Unnao, u-SP Choudhary, utshele i-AFP ukuthi udokotela usagcwele izinkalo kodwa futhi mancane amathuba okuthi uyena yedwa othinteka ekuthelelekeni kwabantu nge-HIV kule ndawo.

“Le ndawo kuhlala kakhulu nabantu abaphuma kwezinye izindawo, abashayela amaloli, okungenzeka ukuthi nocansi olungavikelekile lunomthelela.”

Babalelwa kwabangu-2.1 million abantu abane-HIV eNdiya, ngokusho kwe-United Nations, kodwa izibalo zabathelelekayo ziyehla.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...