Udilikajele kunesi owabulala izaguga ezingu-8

2017-06-27 12:30

Ontario — Ijaji limgwebe udilikajele lowo owayengunesi waseCanada owalahlwa amacala okubulala izaguga ezingu-8 ezazinakekelwa nguyena.

U-Elizabeth Wettlaufer utshele inkantolo ngoMsombuluko ukuthi uyaxolisa kusukela ekujuleni kwenhliziyo yakhe futhi wethemba ukuthi imindeni yezisulu izothola ukuthula nokwelapheka enhliziyweni.

Unesi oneminyaka engu-50 ubudala uwavumile amacala angu-8 okubulala ngenyanga edlule, namane okuzama ukubulala kanye namabili okuhlukumeza.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesilisa ngaphandle kwePhalamende

Iziphathimandla zithe amacala enzeka esikhathini esiyiminyaka eyishumi ezikhungweni ezintathu zase-Ontario ake wasebenza kuzona uWettlaufer.

UWettlaufer wavuma ukuthi wasebenzisa i-insulin kuwona wonke amacala angu-14 enzeka phakathi kuka-2007 kuya ku-2016.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...