Udedeliwe obeseboshwe iminyaka engu-22 ngecala angalenzanga

2018-03-24 14:09

New York – Owesilisa obesechithe iminyaka engu-22 ejele ngamacala amabili okubulala ugcine ededeliwe ngemuva kokutholakala ukuthi akanacala.

Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi ijaji lase livele lisiguqulile isinqumo sokulahla uCalvin Buari ngecala ngoMeyi. Ofakazi abasha baveza ukuthi uBuari akusiyena owadubula wabulala amadoda amabili ayesemotweni eyayipakwe ekhoneni laseBronx ngo-1992.

Abashushisi banqume ukulihoxisa leli cala ngoLwesithathu ngemuva kokuthi beveze ukuthi bayehluleka wukuveza ubufakazi bokuthi ngempela uBuari unecala.

OLUNYE UDABA: Ugcine ededeliwe ejele owaboshelwa ubala

"Yizindaba ezimnandi kakhulu lezi," kusho uBuari, 47, ngocingo. "Sengizokwazi ukudlulisa le nto manje bese ngiqhubekela phambili nempilo.”

U-Elijah noSalhaddin Harris, ababeyizelamani, badutshulwa babulawa bedla isidlo sakusihlwa emotweni yabo ngoSepthemba 1992.

Ngaleso sikhathi uBuari wayengumdayisi owaziwayo wezidakamizwa, kanti iziphathimandla zasola yena ngesigameko sokubulawa kwalezi zelamani.

 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...