Ucwaningo lutshengisa ukuthi akekho umuntu o-straight

2017-12-23 12:11

New York – Ucwaningo lwakamuva olushicilelwe kwiJournal of Personality and Social Psychology luveza okuhlukile ngenkolelo yokuthi kukhona abantu aba-straight ngokobulili.

Lolu cwaningo belubuka indlela abesifazane ababukeka ngayo uma bebona izithombe zocansi ezehlukene.

Lube seluthola ukuthi, akukhathaleki bathi bathandana nabuphi ubulili, imizimba yabo yamukela bonke ubulili kanjalo nobufana nobabo.

Lokhu kuchaza ukuthi ubulili bomuntu wesifazane bubanzi futhi akekho ongakwazi ukubuchaza ekutheni buhamba bufikephi.

URitch C. Savin-Williams unguMqondisi weDevelopmental Psychology neSex and Gender Lab eMnyangweni wokuThuthukiswa kwaBantu eCornell University ubeyingxenye yalolu cwaningo.

OLUNYE UDABA: Ucwaningo luveza umkhuba omusha ogilwa uma kwenziwa ucansi

Lolu cwaningo lwenziwe e-lab kanti uSavin-Williams uthe njengengxenye yalolu cwaningo yena nasebenza nabo benza olunye ucwaningo olubheka ukuthi yibuphi ubulili bangempela bomuntu.

"Lolu cwaningo luhlola ubulili bomuntu ngokubuka isimo samehlo akhe uma ebuzwa imibuzo ethile noma etshengiswa izithombe, awukwazi ukufihla iqiniso elitshengiswa ngamehlo akho. Enye indlela yokuhlola lokhu ukwenza ucwaningo olutshengisa ukuthi umuntu uvukelwa uma sekunjani.”

Uthi ngaleyo ndlela yingakho bethi empeleni akekho umuntu o-straight, ubulili bomuntu buhambisana nesimo asuke ekuso – buyaguquguquka.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...