Ucishe wadabula amafu owesimame ngesitayela socansi

2017-09-03 18:50

China - Isitayela socansi yisona esicishe sathatha impilo yowesimame obekazitika ngocansi nomyeni wakhe.

Lo wesimame waseChina uphuthunyiswe esibhedlela esevale amehlo ngemuva kokukhala ngobuhlungu kwesingezansi kuyena.

Ngokwemibiko evelayo, uXiao Qing, 26, uqale ukukhala ngezinhlungu ngemuva kwenkonzo yasekamelweni okuthiwa ibivutha amalangabi.

Izinhlungu ziqhubeke nokuqinisa ngisho esephuze amaphilisi waze waphuthunyiswa esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Nazi ezinye zezizathu ezenza owesifazane angafiki kuvuthondaba

Esibhedlela, odokotela bathi lo wesimame akakhulelwe kodwa kunegazi nokusaketshezi okuningi endaweni engafanele kwesingezansi sakhe.

Odokotela bathi lesi simo sidalwa yizinto ezimbili kubantu besifazane, ukopha kakhulu uma esesikhathini noma ukuya kakhulu ocansini kuze kuthinteke isibeletho.

Eseluleme, lo wesimame uthi yena nomyeni wakhe besebehleli izinyanga eziyisithupha bengayi ocansini futhi sebekhumbulene kakhulu.

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...