Ucela usizo ugogo obanjwe yinkawu inkunzi

2017-10-07 15:25

Bangkok -  Ugogo obedinwe egane unwabu eningizimu yaseThailand obanjwe inkawu inkunzi uphendukele kwabezindaba efuna usizo kubo.

Lesi salukazi sibanjwe inkunzi okhukhunathi baso abangu-150.

UNoi Sombatpibum, 86, ngoLwesibili ukhulume kumabonakude ngodaba lwakhe echaza ngokubanjwa kwakhe inkunzi okhukhunathi bakhebemali engui-R820 abebathathe epulazini lakhe lokhukhunathi elisesifundazweni iChumphon.

OLUNYE UDABA:Sithi asikwazi nokuhlala isalukazi 'esidlwengulwe umakhelwane'

Uthi indoda ezenze umkhwenyana wengane kamngani wakhe ufike epulazini, ethi ufuna ukuthenga okhukhunathi.

Ngokusho kwabezindaba, le ndoda igama layo elingaziwa ifike epulazini ihamba nenkawu igama layo nguNadech.

USombatpibum uzwakale kulo mbiko ethi: "Bafike bangena nenkanwu, inkawu yakotela isihlahla. Bathatha okhukhunathi abangu-150. Ngibabalile."

Kodwa, kunokuthi babakhokhele okhukhunathi, le ndoda ivele yabalayisha nenkawu evenini yohlobo lwe-Suzu, yahamba.

Lo gogo ngesikhathi evele kumabonakude, ucele le ndoda ukuba ibuye izomukhokhela.

Okwamanje alikho icala lokweba leivuliwe.

 - Dailu Sun

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...