Ucela ukuxolelwa owathola isigwebo sentambo, kepha wangafa esebulawa

2016-08-23 11:30

Columbus – Umbulali wase-Ohio, eMelika, ongazange afe ngesikhathi ebulawa kulandela ukuthola isigwebo sentambo ngo-2009, usekhale ngokuthi ukuzama ukumbulala okwesibili kobe kuwubulwane.

Abameli bakaRomell Broom bathi ukunikeza u-hangman ithuba lesibili lokubulala ikhasimende labo kuyobe kutshengisa isihluku nesijeziso esingajwayelekile.

OLUNYE UDABA: 'Isigwebo sentambo asilehlisi izinga lobugebengu'

INkantolo eNkulu yase-Ohio yasinqaba isicelo sikaBroom ngoMashi.

Ukubulawa kukaBroom kwamiswa ngemuva kokuthi o-hangman behluleke bancama ukuthola umthambo abazomjova kuwo kulandela ukuzama izikhawu ezingu-18.

UBroom, 60, uyisiboshwa sesibili emlandweni weMelika ukusinda sibulawa ngomjovo onobuthi.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...