Ubulawe wumdlavuza obesanda kubamba i-jackpot ka-R12m

2018-02-08 07:02

Washington - Udlulile emhlabeni uDonald Savastano owahlabana ne-jackpot ka-R12 028 000 ngasekuqaleni kukaJanuwari, ngemuva kokudlala iMerry Millionaire Lottery.

Into yokuqala eyenziwa yilo mlisa ngemuva kokuhlabana nale mali, wavakashela udokotela ngoba kwase kuphele isikhathi eside engaphilile, kusho umbiko weBuzzfeed News.

Ngeshwa, okwatholwa ngudokotela kwakungekuhle njengoba kwavela ukuthi uDonald unomdlavuza. Wabe esedlula emhlabeni ngemuva kwamasonto amathathu.

OLUNYE UDABA: Owasinda engozini yebhanoyi ubambe i-jackpot

Ukulala kwakhe kobandayo kuza ngemuva kwesikhathi esingaphansi kwenyanga esanda kubamba i-jackpot ngemuva kokudlala i-scratchcard seNew York Lottery ngakubo eSidney, enyakatho neNew York City.

Ngokusho kwe-CBC Radio, uDonald wayengenayo i-medical aid yingakho wayengakwazi ukubonana nodokotela kusenesikhathi.

UDonald – obezisebenza – ubehlele ukuzithengela imoto, enye imali ayilondoloze aphinde aye naseholidini ngayo, kubika i-ABC News.

UDanielle Scott, okunguye owadayisela uDonald ithikithi elamuwinisa, uthi wamjabulela kakhulu umufi ngesikhathi ezwa ukuthi uwinile.

ISITHOMBE:

- YOU

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...