Ubulale isoka obelamula ingxabano yezithandani

2017-11-30 09:32

Philadelphia - Ingxabano yezithandani eyenzeke ebusuku eduzane naseDrexel University, ePhiladelphia iphume nesidumbu ngesikhathi indoda ebithi iyalamila idubula ibulala isoka.

Amaphoyisa asePhiladelphia athi isisulu sihlonzwe njengoshonile ngoLwesibili ebusuku kanti indoda edubulile yona igcinwe sitokisini.

OLUNYE UDABA:Ubaba nogogo babekwe icala kulandela ukuzidubula kwengane, 3

Lesi sigameko sokudubula senzeke eduzane nalapho okuhlala khona izitshudeni, kodwa iziphathimandla azithandanga ukudalula ukuthi ngabe ababandakanyeka kulesi sigameko bayizitshudeni zakule nyuvesi yini noma cha.

Okhulumela amaphoyisa uthe umsolwa udubule isisulu amahlandla amathathu.

Kuvele nokuthi umsolwa akazani nalezi zithandani.

Uphenyo luyaqhubeka.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...