Ubulale amadodakazi efuna ukuzwisa umyeni ubuhlungu

2016-07-01 10:00

Dallas – Owesifazane waseTexas udubule wabulala amadodakazi akhe amabili ngoba efuna ukuba owayengumyeni wakhe ahlukumezeke, ezwe ubuhlungu, kutshelwe inkantolo ngoLwesithathu.

UChristy Sheats, 42, ubize umhlangano womndeni emzini wakhe oseHouston, kusho umshushisi, uTroy Nehls, kwabezindaba.

UJason Sheats, 45, ubecabanga ukuthi umkakhe ubezokhuluma namadodakazi abo ngodaba lokudivosa kwabo, kusho uNehls, kodwa uvele wadubula uMadison Sheats, 17, noTaylor Sheats, 22.

Izingane noJason Sheats zibalekele ngaphandle, kodwa uChristy Sheats wabalandela wadubula amadodakazi.

Funda nalolu daba: Inkantolo yenqabe ukuphasisa ukuhushulwa kwezisu

Kubesekufika iphoyisa endaweni yesehlakalo, ladubula lambulala umsolwa ngemuva kokuba enqabile ukubeka phansi isibhamu.

UJason Sheats yena akalimalanga.

Kuthiwa umshado walezi zithandani ubungasemuhle, besekuhlala kunengxabano.

Lezi zithandani besezishade iminyaka engaphezu kwengu-20.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...