Ubudedengu bomuntu obhemayo yibo imbangela yokusha kwesitolo

2018-02-21 12:31

New York - UMnyango weziCishamlilo eNew York uthi ubudedengu bomuntu obhemayo yibo obudale umlilo wangempelasonto lapho okushe khona ibhilidi kwalimala abantu abangu-13.

Umlilo wangoMgqibelo ekuseni ungqongqise indawo yokudlela i-Angelo's kuMulberry Street nezindawo okuhlala kuzo abantu ezingaphezu kwayo.

Le ndawo yokudlela eshile yavulwa ngo-1902.

OLUNYE UDABA:Lishe langqongqa ikhaya lezingane eThekwini

Abezicishamlilo bathi kulimale kanzima abantu ababili abanye abangu-11 bathola ukulimala okungatheni.

Abahloli bomnyango wezakhiwo bayile endaweni yesigameko beyohlola umonakalo odalekile kulesi sakhiwo kulandela ukuqubuka kwalo mlilo.

Abezicishamlilo babhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umlilo udaleke ngephutha ngenxa yobudedengu bomunye wabantu ababhema ugwayi.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...