Uboshiwe umama osolwa ngokubulala izingane zakhe ngokuzifaka kuhhavini

2017-10-20 19:30

Atlanta – Umama obezikhulisela ngayedwana izingane zakhe, usolwa ngokubulala amadodana akhe amabili amancane kunazo zonke izingane zakhe ngokuwafaka kuhhavini wabe eseyawukhanyisa, ngokusho kombiko wamaphoyisa.

ULamora Williams wase-Atlanta, eGeorgia, kusolakala ukuthi wafaka uKeyante Penn, 2, Kanye noJa'karter Penn, 1, kuhhavini wabe eseyawukhanyisa enzela ukuthi lezi zingane zishe ziphila ngoLwesihlanu, kusho umbiko weThe Atlanta Journal-Constitution.

UWilliams, 24, kusolakala ukuthi usanda kusula emsebenzini ngoba engamtholi umuntu ozomgadela izingane zakhe wabe esetshela abangani bakhe ukuthi “sekwanele manje”.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ushwele owafaka ingane kuhhavini

Lo wesifazane kuthiwa waba nokuphazamiseka ngokomqondo kulandela ukudlula emhlabeni kukayise ngesikhathi yena uWilliams eneminyaka engu-19 ubudala kanjalo nnomthwalo wokunakekela yedwa izingane ezine ezisencane.

Amaphoyisa athi lezi zingane zithole amanxeba amabi okusha ngesikhathi izidumbu zazo zikhishwa kulo hhavini.

Kusolakala ukuthi ngemuva kokubulala lezi zingane, uWilliams ube esefonela ubaba wezingane ngohlobo lwe-video, kwase kuba nguyise wezingane ohlaba umkhosi emaphoyiseni ngemuva kokubona izingane ngemuva kukamama wazo zinganyakazi, wabona ukuthi kukhona okushaya amanzi.

UWilliams kuthiwa utshele amaphoyisa ukuthi kungenzeka ukuthi lezi zingane zishone ngesikhathi zihleli nomunye umuntu, nokho amaphoyisa awazange akukholwe lokhu.

- Daily Mail

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...