Uboshiwe ugogo obevalela ingane endlini yenja

2017-09-08 18:01

Town of Norway  - Ugogo nomunye umuntu basolwa ngokuvalela umzukulu wakhe oneminyaka engu-9 ubudala endlini yezinja emzini oseningizimu-mpumalanga yeWisconsin.

Amaphoyisa aseRacine nosonhlalakahle basesha lo muzi oseduzane naseWind Lake ngemuva kokuba uthisha evule icala lengane ehlukunyezwayo.

USherrif Christopher Schmaling uthe ugogo, 46, nomnikazi womuzi bagqunywe esitokisini kanti bazothweswa amacala maduze.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe 'ugogo' ngokubulawa komzukulu eKZN

USchmaling uthe le ntombazane yayivalelwe ngengidi endlini yenja eyakhiwe ngocingo.

Kumanje isisulu nenye ingane yakubo bagcinwe endaweni ephephile. Kuzwakale ukuthi ugogo nguye obegada lezi zingane.

Amaphoyisa asazama ukuthola abazali balezi zingane njengoba kungacaci ukuthi kungani zingahlali nabo.

Indawo yaseWind Lake yindawo engamakhilomitha angu-40 ukusuka eningizimu-ntshonalanga yaseMilwaukee, eWisconsin.

 - Associated Press

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...