Uboshiwe osolwa ngokushumpula unina ikhanda, agwaze noyise

2017-10-03 12:31

Houston - Abaseshi bathi indoda eneminyaka engu-27 ubudala yaseHouston isolwa ngokushumpula umama wayo ilimaze uyise.

Inkantolo yaseHarris County emqulwini yayo iveza ukuthi uKyriakos Savvas Georghio uqgunywe esesitokisini ngoMsombuluko ngecala lokubulala nokulimza ilungu lomndeni ngoLwesihlanu ebusuku.

Amaphoyisa aseHouston, athi umsolwa waphuma endlini ephethe imimese emibili engungwe ngamaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko sodlame lwasekhaya.

OLUNYE UDABA:Kushone 20 wabantu, kwalimala ngaphezu kwabangu-100 kwesokudubula eLas Vegas

Iphephandaba iHouston Chronicles ibike ukuthi abaseshi bathola owesifazane endlini, ikhanda lakhe lishumpuliwe. Abosizo lokuqala baphuthume balapha indoda ebinenqwaba yamanxeba okugwazwa.

Amaphoyisa abengakalidaluli igama lezisulu.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...