Uboshiwe 'onqume' indodakazi uqhoqhoqho ngoba inaka kakhulu uFacebook

2017-04-10 16:00

Bangkok – Owesisila uboshiwe kulandela izinsolo zokunquma indodakazi uqhoqhoqho ngemuva kwengxabano ebandakanya ukudlala uFacebook nokusebenzisa i-smartphone.

USurin Kaewrae, 41, uzivumele ngowakhe ukuthi wahlasela indodakazi yakhe eneminyaka engu-13 ubudala ngokusebenzisa kakhulu le nkundla yezokuxhumana.

Ngokusho kukaSornkrai Poonperm, onguKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni iPetchburi, indodakazi kaKaewrae yasinda kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Usephila lubhojozi owaqolwa indoda yaku-Facebook

“USurin wabanjwa ebaleka nendodakazi yakhe eneminyaka emihlanu ubudala. Lo baba akaqali ukuboshwa njengoba ake agwetshwa iminyaka emithathu phambilini,” kusho lo khomishana.

USurin utshele amaphoyisa ukuthi waba nengxababo nendodakazi yakhe futhi akukhona okokuqala bexabanela uFacebook.

Lo baba uthi kudala ayeyietshela indodakazi ukuthi ayibhekane nesikole ikhohlwa abafana kodwa ingalaleli, kubika i-dpa.

- DPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...