Ubhekene necala ogwaze umzukulu kubangwa ikhekhe

2017-10-05 19:17

Raytown — Owesilisa waseMissouri uthweswe icala lokugwaza engalweni umzukulu wakhe oneminyaka engu-12 ngemuva kwengxabano kubangwa ikhekhe.

UJose Ortega,67, uthweswe icala lokuhlukumeza nokugwaza umzukulu wakhe ngoLwesibili.

U-Ortega utshele amaphoyisa ukuthi umfana uyahlupha akahloniphi, kanti ngoLwesibili ucasulwe ukuthi ubengafuni ukumnikeza i-doughnut.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zidle inyoka elume owesilisa

Umfana obopha igazi ube esebalekela kamakhelwane ngemuva kokugwazwa.

Amanesi atshele amaphoyisa ukuthi isikhali singene shi engalweni.

Amaphepha asenkantolo athi amaphoyisa athole ummese onegazi ngaphandle komuzi womsolwa.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...