Ubangwa nezibi ozijumpule enduku efuna ukuzibulala

2017-10-29 15:59

Hong Kong - Owesilisa odabuka ePhilippi usesimweni esibucayi ngemuva kokuzama ukuzibulala ngokuthi azisike isidoda sakhe wasihambisa namanzi endlini encane.

Ngokubika kwephephandaba iSunHK, lokhu kwenzeke lomlisa esefulethini lakhe endaweni yaseShau Kei Wan eHong Kong.

Lo mlisa oneminyaka engu-42 ubudala ubesenza njengomshayeli futhi ehlala nentombi yakhe kuleli fulethi.

OLUNYE UDABA:Ukhala ezimathonsi owaqolwa ezama ukukhulisa 'induku'

Omakhelwani bezwe ngentombi isimemeza ekuseni ngeSonto kwabizwa amaphoyisa.

Amaphoyisa afike kulendawo kugcwele igazi nenduku yalo mlisa ingasabonwa ndawo. Uyena otshele abezimo eziphuthumayo ukuthi uyijumpulile induku yakhe.

Amaphoyisa athi athatha lesi sigameko njengesokuzama ukuzibulala yize kungakaze kutholakale incwadi yokuvalelisa.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...