Ubabele enkantolo umama ongafuni ingane yakhe igonywe

2017-10-30 14:03

Pontiac - Umama waseDetroit, eMelika, owabhadla ejele ngemuva kokuphula umyelelo wenkantolo owawumphoqa ukuba agome ingane yakhe yomfana, ufuna ijaji limnikeze imvume yokuthi ingane yakhe ingaphinde igonywe.

Ngokombiko weDetroit Free Press, ummeli kaRebecca Bredow, 40, uClarence Dass uthe ikhasimende lakhe kuzomele linikeze ijaji izizathu ezinqala zokuthi kungani "kumlungele" umntwana ukuthi angagonywa.

UBredow umelene nokugoma, kepha owayengumyeni wakhe nongubaba wale ngane, ufuna le ngane igonywe njengazo zonke izingane.

OLUNYE UDABA: Kunxuswa umphakathi ukuba uvolontiyele umgomo we-HIV

Ijaji laseNkantolo ese-Oakland County ngasekuqaleni kwale nyanga lathumela lo wesifazane waseFerndale ejele izinsuku ezinhlanu ngokushaya indiva umyalelo wenkantolo wangomhlaka-27 Septhemba wokuba agome le ngane.

UDass wabhala emaphepheni afakwe enkantolo ukuthi uBredow "ukholelwa ukuthi kuningi kakhulu okubi ngomgomo, uma kuqhathaniswa nokuhle ngawo".

Ijaji belingakalunqumi usuku lokulalelwa kwesicelo sakamuva sikaBredow.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...