Ubaba uzibulele ngemuva kokubulala indodakazi

2017-05-02 07:22

Norwalk – Amaphoyisa eConnecticut athi owesilisa udubule wabulala indodakazi yakhe endala ngaphambi kokuba azibulale.

Amaphoyisa aseNorwalk athi abangani baMelissa Wilkinson,33, baye endlini yakhe ngemuva kokuba nokukhathazeka ngesikhathi bebona engafiki emsebenzini ngeSonto ebusuku.

Amaphoyisa athi abangani babize iziphathimandla ngemuva kokuthola uWilkinson edindilize phansi endlini kugcwele negazi kanti, uyise uMark Wilkinson,55, ehleli kusofa ephethe isibhamu ekhuluma yedwa.

OLUNYE UDABA: Ucwaningo luveza umkhuba omusha ogilwa uma kwenziwa ucansi

Amaphoyisa athi kubenokuhilisizana phakathi kwayo noMark Wilkinson okuphethe ngo-07:00 ngoMsombuluko ngesikhathi amaphoyisa azwa ukuqhuma kwesibhamu, amthola eseshonile.

Amaphoyisa athi indodakazi kanye noyise bebenamanxeba okudutshulwa ekhanda.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...