Ubaba 'udubule' isoka lendodakazi ngasemankwahleni kuxatshanwa

2017-10-18 11:00

Pennsylvania — Amaphoyisa asePennsylvania, eMelika, athungatha owesilisa osolwa ngokudubula isoka lendodakazi yakhe ngasemankwahleni ngemuva kokuqubuka kwengxabano ehhotela.

Abakwasidlodlo bathi lesi sigameko sokudubula senzeke ngeSonto ntambama eMotel 6, eWest Mahanoy Township.

Amaphoyisa aveza ukuthi sekukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaDonald Jenkins Jr., 40, ngamacala abandakanya ukuzama ukubulala, ukugqekeza kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza.

OLUNYE UDABA: Ubophise isoka elidlwengule indodakazi

Amaphoyisa athi indodakazi kaJenkins nendodakazi yakhe nesoka bebehleli kuleli hhotela. Amaphoyisa athi kuthe uma uJenkins efika, kwaqubuka ingxabano phakathi kwakhe nesoka wase eyalidubula emlenzeni nangasemankwahleni.

Isisulu kudingeke ukuba siphuthunyiswe esibhedlela ukuze siyothola ukwelashwa.

Amaphoyisa awazange ayikhiphe iminyaka yobudala yesoka likandodakazi kaJenkins.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...