Ubaba nogogo babekwe icala kulandela ukuzidubula kwengane, 3

2017-11-30 07:24

Philadelhphia - Ubaba nogogo wengane yentombazane eneminyaka emithathu ubudala ezidubule emlenzeni ePhiladelphia, eMelika, babekwe icala.

Izikhulu zithi ngoMsombuluko uBarbara McGill noTerrance Williams babekwe icala lokubeka engozini impilo yale ngane kanye nokuba budedengu.

Lo gogo oneminyaka engu-64 ubudala uphinde wabekwa icala lokuphazamisa ubufakazi njengoba amaphoyisa ethi wazama ukufihla isibhamu.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele umkhulu onike umzukulu isibhamu

Amaphoyisa aqhuba ngokuthi le ngane akwaziwa ukuthi yasithola kanjani isibhamu sikababa wayo esinezinhlamvu yase iyazidubula ngeSonto ebusuku. Inhlamvu yangena ngaphambili emlenzeni yayophuma esihluzwini.

Abakwasidlodlo bathi ubaba wale ngane wacela ugogo wayo ukuba ambekele isibhamu sakhe, kepha lesi salukazi sasifaka ekhabetheni elingakhiywa sase siyazumeka.

Akatholakalanga ummeli kaMcGill kanjalo nokaWilliams.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...