Sisobishini isisebenzi sasendlini 'esashaya' ingane nge-vibrator

2017-11-05 10:59

Hong Kong - Sisobishini isisebenzi sasendlini ngezinsolo zokushaya ingane ngethoyizi locansi.

Ngokusho kweCoconutsHK, uGina Cannu Baduan, 38, uthweswe ngecala lokuhlukumeza ingane ngoLwesibili ngemuva kokuba umqashi wakhe ebone izibazi ezibomvu emzimbeni wengane yakhe eneminyaka embili ubudala.

Ngesikhathi lo mama ebuza ingane yakhe ukuthi izithole kanjani lezi zibazi, le ngane kuthiwa yathatha leli thoyizi, i-vibrator.

OLUNYE UDABA:Owesifazane uboshelwe ukushaya intombi nge-vibrator

UBaduan waqala ukusebenzela lo mndeni eTseung Kwan O, eHong Kong ngonyaka odlule.

Lezi zinsolo zokuhlukumeza ingane zibonakale ngo-Okthoba, uBeduan wabe esexoshwa emsebenzini, waboshwa.

UBaduna wanqatshelwa ibheyili kanti uzogcinwa esitokisini kuze kube uphinda uvela enkantolo ngomhlaka-13 Disemba.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...