Sisale nenxeba elibi isivakashi esizame ukuthatha 'iselfie' nengwenya

2017-01-03 18:00

Bangkok – Isivakashi saseFrance esizame ukuthatha isithombe nengwenya eThailand silimale kanzima ngesikhathi silunywa yile ngwenya ngemuva kokusondela kakhulu kuyo.

Lo wesifazane oneminyaka ebalelwa kwengu-40 ubudala usale nenxeba elibi emlenzeni ngeSonto eKhao Yai National Park, kusho uThanya Netithammakul, oyiNhloko yeNational Park, Wildlife and Plant Conservation Department.

OLUNYE UDABA: Sithweswe icala isiboshwa 'esibulale' esinye nge-toaster

Lesi sivakashi besiqosheme eduzane kwalesi silwane, sesilungele ukuthatha isithombe kodwa sawa, ingwenya yasiluma, kusho iziphathimandla zitshela iBangkok Post ngoMsombuluko.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto.

Ngokusho kwabezindaba bekunezimpawu ezazixwayisa izivakashi ngezingwenya kanti futhi nezivakashi zazidonswe ngezindlebe ngazo izingwenya.

 


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...