Sesimi ku-120 esabashone engozini yesitimela

2016-11-21 11:29

Johannesburg - Sesimi ku-120 isibalo sabantu abashone engozini yesitimela eNdiya.

Isitimela siphume kujantshi eduzane nasePurwa Village okuyindawo eqhele ngamakhilomitha angu-65 naseKanpur.

Imbangela yengozi eyenzeke ngempelasontolo ibingakaziwa.

OLUNYE UDABA:Amahhotela azobabuyisela imali abakhulelwa behlezi kuwo

Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-03:00 ngesikhathi iningi labagibeli lisalele.

Khonamanjalo, uMengameli Jacob Zuma udlulise amazwi enduduzo kulabo abalahlekelwe kule ngozi.

UNelson Kgwete okhulumela uMnyango wezangaPhandle kuleli uthe: "Umengameli Zuma udlulise amazwi enduduzo emindenini, kuhulumeni nezakhamuzini zaseNdiya kulandela ingozi yesitimela eholele ekutheni kushone inqwaba yabantu.

"Uphinde wafisela abalimele ukuba balulame ngokushesha."

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...