Sekwenziwa unodoli omusha wocansi okhulumayo

2018-02-02 14:03

eChina - Inkampani yaseChina ingaphansi kwenkulu ingcindezi yokuzama ukuvala isikhala nokuthokozisa inqwaba yamadoda angawodwana.

Le nkampani izokwenza lokhu ngokukhiqiza onodoli bocansi ababukhali abakwazi ukukhuluma, ukudlala umculo kanye nokusebenzisa umshini wokuwasha izitsha.

Ifemu yenkampani i-EXDOLL igcwele imifanekiso yonodoli abakhiwayo edolobheni iDalian, lapho kusebenza khona onjiniyela abasebenza ngokuzikhandla ukuphilisa labo nodoli.

Unjiniyela okunguyena owenza imizamo yokuthi lo nodoli ukhulume, ubonakale esekhuluma nawo.

OLUNYE UDABA: Usefikile kuleli unodoli wocansi futhi ubiza uR16 000

"Ubani igama lakho," kubuza lo njiniyela. Unodoli uphendula ngokuthi "igama lami nginguXiaodie kodwa ungangibiza ngo-"baby" kodwa uma ungathokozile ngeke ngiphendule."

Abakwa-EXDOLL bathi basebenzise ubuhlakani bokuzenzela ukwenza labo nodoli bakwazi ukusebenza njengabantu abaphilayo ngenhloso yokuqeda isizungu kulabo abangenabo ophathina, kubika iThe Citizen.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...