Sekuvele ulwazi olusha olushaqisayo ngoluka-Oscar noReeva

2016-04-22 11:31

London – U-Oscar Pistorius washaya intombi yakhe uReeva Steenkamp ngenduku yokudlala ikhilikithi ngaphambi kokuyidubula ayibulale, kusho umbiko wabacwaningi.

Lo msubathi wamaParalympian watshela inkantolo ukuthi wadubula uSteenkamp engale kwesicabha egumbini lokugezela, ecabanga ukuthi ungumgqekezi.

Uthi wathi esebona ukuthi udubule intombi yakhe, wasebenzisa le nduku ukuklabha isicabha ngoba sasikhiywe ngaphakathi – ezama ukuyihlenga.

OLUNYE UDABA: U-Oscar akasenayo imali yokukhokhela abameli

Kepha ngokombiko kaCalvin noThomas Mollett, abenza olwabo ucwaningo, babhale encwadini yabo i-Oscar vs The Truth ukuthi izibazi zokulimala ezazisemhlane kaSteenkamp zifana ncamashi nezechopho lenduku yekhilikithi.

Ukuhlephuka kwale nduku kutshengisa ukuthi lezi zithandani zaqale zaba nomdonsiswano ngaphambi kokubulawa kukaSteenkamp ngo-2013.

Kulindeleke ukuba uPistorius agwetshwe kabusha ngacala lokubulala ngoJuni.

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...