Sekuqaliswe uphenyo ngokushona kwabantu abangu-23 kweyesitimela

2017-08-21 12:29

New Delhi – Izwe laseNdiya seliqalise uphenyo ngengozi yesitimela eshiye kushone abantu abangu-23 ngeSonto, nokuyingozi yesine enkulu ukwenzeka esikhathini esingangonyaka.

Imbangela yokuphuma kwesitimela kujantshi ayikaziwa okwamanje, kusho okhulumela iNorthern Railways uNeeraj Sharma.

Amakhoshi angu-13 esitimela ephume kujantshi ngesikhathi isitimela silibhekise eHaridwar, kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Ibelethile ingane,10, eyadlwengulwa

Isibalo sabashonile sinyukele kubantu abangu-23 kanti babalelwa kwabangu-123 abalimele.

NgeSonto ebusuku uSharma uthe usuphothuliwe umsebenzi wokutakula ngakho-ke sekuzoqaliswa uphenyo.

Umshayeli wesitimela uzoba ngowokuqala kubantu abahlanu abazophekwa ngemibuzo, kusho uSharma.

Uthe isibalo sabashonile kulindeleke ukuba sikhuphuke.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...