Owesimame ukhala ngomyeni owaqamba amanga wathi induku yakhe ayivuki

2017-03-08 16:01

Tladistad - USalome Laka, 43, uthuke kabi emasontweni ambalwa edlule ngesikhathi ethola iqinisi ngesimo somyeni wakhe.

USalome utshele abeDaily Sun ukuthi ukuthi wamangala kabi ebona ukuthi induku yomyeni wakhe isebenza kahle uma eyisebenzisa nomunye umuntu wesimame.

Uthi lokhu ukuthole ngesikhathi ethola ukuthi umyeni wakhe uyaphinga futhi umakhwapheni wakhe usekhulelwe.

OLUNYE UDABA:Ukhala ezimathonsi owaqolwa ezama ukukhulisa 'induku'

USalome uthi okumphathe kabi kakhulu wukuthi umyeni wakhe ubengabonisi ngisho ukuzisola ngalokhu akwenzile.

“Kudala ngiyiphethe kahle le ndoda, ngihleli emendweni ngokwethembeka yize ngibulawa yindlala yocansi, kodwa futhi uyena ungenza kanje,” kusho yena.

Lo wesimame uthi umyeni wakhe wavuma ukuthi uyajola nalo wesimame kodwa akazange aphumele obala ngodaba lwengane.

Uthi okumcika kakhulu wukuthi indoda yakhe ayikaze imtshele ukuthi induku isiyasebenza ukuze bezozama nabo ukwenza izingane.

“Ngizibona ngiyisilima ngoba nami kudala ngifisa ukuba nezingane kodwa ngahlala nomyeni wami ngathembeka kuyena ngoba wayichaza inkinga yakhe.”

Ngesikhathi leli phephandaba likhuluma nomyeni kaSalome, uKgowa Laka, uyivumile indaba yokuba nomakhwapheni kodwa wayiphika ingane.

UFrancina Selowa, ongumakhwapheni, uthe uSalome akabheke izindaba zakhe ayeke ukukhuluma kabi ngaye emphakathini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...