Owesilisa wahlala endlini unyaka nezidumbu esezonakele

2017-10-08 11:59

Minnesota - Owesilisa waseMinnesota owahlala endlini nezidumbu esezonakele, sikanina nesomfowabo, cishe unyaka wonke uthe wehluleka ukuyobikela iziphathimandla ngokufa kwabo.

"Ngangithukile,” kusho uRobert James Kuefler etshela i-Associated Press (AP) ngoMgqibelo. "Wawungenzenjani?"

Okhulumela amaphoyisa aseWhite Bear uCapt. Dale Hager uthe uKuefler, 60, uthweswe icala lokuphazamisa isidumbu ngoba wasusa esikamfowabo lapho ashonela khona.

UHager uthe umfowabo nonina bashona ngemuva kokuxinwa ukugula ngo-2016.

Ngemuva kwezinyanga sebashona, uKuefler wabhalela amalungu omndeni ikhadi likaKhisimusi ewazisa ukuthi bobabili bayagula, abakwazi nokukhuluma futhi abazidingi izivakashi.

OLUNYE UDABA: Ucela usizo obanjwe inkunzi yizinkawu

Amaphoyisa awazitholanga izidumbu kwaze kwaba uSepthemba 2016, ngesikhathi umakhelwane ebika ukuthi sekunokhula kwaKueflers futhi sekunesikhathi eside bengaboni muntu khona.

UKuefler utshele i-AP ukuthi unina u-Evelyn Kuefler,94, washona ngo-Agasti 2015 kanti umfowabo yena, uRichard Kuefler,wayeshone kuqala.

UKuefler, uthe akakudingi ukwelulekwa ngokwengqondo. Uphinde wathi unina washona engenawo umasingcwabisane.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...