Owesilisa uzidubule wazibulala phambi komuzi kamengameli

2018-03-04 17:54

Washington – Owesilisa uzidubule wazibulala lapho kuhamba khona abantu, phambi kwaseWhite House ngoMgqibelo, kusho izikhulu.

"Owesilisa osekhulile kuqinisekiswe ukuthi ushonile,” kusho amaphoyisa eWashington kuTwitter.

Amaphoyisa athi owesilisa ongumlungu uqonde ngasothangweni lwaseWhite House ngabo-11:46 ekuseni, wakhipha isibhamu abesifihlile, wasiqhumisa amahlandla amaningi ngaphambi kokuba azidubule.

OLUNYE UDABA: Kushone abayishumi kushayisana izitimela

Igama lakhe okwamanje ligodliwe kuze kube kwaziswa izihlobo zakhe, kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Akekho umuntu olimalile ngesikhathi lona eqhumisa isibhamu.

Ngesikhathi sesigameko, uMengameli Donald Trump nomkakhe uMelania bebeseMar-a-Lago resort eFlorida.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Partly cloudy. Cool. Pta: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...