Owesilisa uthi akakhumbuli edubula unkosikazi wakhe

2017-07-05 18:02

Seattle – Owesilisa utshele abaphenyi ukuthi akakhumbuli edubula ebulala unkosikazi wakhe begibele i-Uber, ezivikela ngokuthi wayephuzile futhi usuku “lungamhambeli kahle” ngaphambi kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu.

UCameron Espitia, 31, osebenzela i-US Coast Guard, usolwa ngokubulala unkosikazi wakhe uJennifer Espitia, 29.

Ummeli wakhe uKristen Gestaut ucele ukuba inkantolo ibe nozwelo ngemali yebheyili okumele ikhishwe ngummangalelwa, wathi u-Espitia akanawo umlando wobugebengu, kubika iThe Seattle Times.

Umshayeli we-Uber watshela amaphoyisa ukuthi uJennifer Espitia wayehlezi esihlalweni esingaphambili, uCameron Espitia ehlezi kwesingemuva ngesikhathi beqala bexabana phakathi kwamabili ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Onesikhwele ubulale unkosikazi wakhe

Uqhuba ngokuthi uCameron wayelokhu emchaphe njalo ngenhlamba unkosikazi wakhe ngaphambi kokuba ezwe umsindo wokuqhuma kwento ethile.

Uthi wayecabanga ukuthi kuqhuma ithayi, kepha wabona ikhanda likaJennifer liyetha, wabona lapho ukuthi udutshuliwe, kusho amaphepha afakwe enkantolo.

Esabela impilo yakhe, uthi waqhubeka washayela njengokomyalelo kaCameron, kusho amaphoyisa.

Kwathi ekugcineni, uCameron wayalela umshayeli ukuba akamise imoto eceleni komgwaqo wabe eseyaphuma. Yilapho-ke umshayeli ashayela khona amaphoyisa ucingo.

UCameron zamkhelela bude buduze nendawo yesigameko, watholakala nesibhamu esifasele eqakaleni. Amaphoyisa athi wawatshela ukuthi ubephuza kodwa akakhumbuli edubula unkosikazi wakhe.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...