Owesilisa 'unqume owesimame uqhoqhoqho' ngoba ethi ushaya udaka ocansini

2017-08-29 19:30

Thailand - Owesilisa waseThailand ulivumile icala lokunquma owesimame uqhoqhoqho ngemuva kwengxabano.

Kuthiwa lo mlisa ubulale uJiraporn Theppaya, 22, ngemuva kokumgxeka ngocansi lwakhe athe "alushayi khona".

Kuthiwa laba bazikhipha okokuqala nokuyilapho abazitika khona ngocansi, kodwa lo wesimame akazange agculiseke ngokwenza kukaNatthan Raknui, 23.

Amaphoyisa atshele abaphephandaba i-The Daily Mail ukuthi laba bobabili bahlangana enkundleni yezokuxhumana uFacebook ngoJulayi baxoxa ngezinto ezejwayelekile baze banquma usuku lokuhlangana.

URaknui washayela amahora amabili eyohlangana nale ntokazi ngenhloso yokuthi bazikhiphe ngomhlaka-12 Agasti.

OLUNYE UDABA:Ucwaningo: Isizathu esenza abantu besilisa bathenge ucansi kubaqwayizi

Laba abazange babe nemali eyanele ukubhukha ihhotela base benquma ukuyokwenza ucansi ehlathini.

Konke kwahamba kahle kodwa kwabheda lapho uTheppaya esetshela lo mlisa ukuthi akamchazi enkonzweni yasekameleni.

Lo mlisa wacasuka wanquma lo wesifazane, wamshiya khona lapho wabaleka ngesithuthuthu sakhe ngaphambi kokuba asidayise.

Isidumbu salo wesifazane satholakala ngemuva kwezinsuku ezintathu.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...