Owesilisa ufike kwakhe wathola owesifazane enqunu embhedeni

2017-10-19 14:00

Anderson, California — Amaphoyisa aseCalifornia athi owesilisa ufike emzini wakhe wathola owesifazane angamazi elele enqunu embhedeni wakhe.

Owesilisa ongadalulwanga igama utshele amaphoyisa ukuthi waqale wabona iphasela ngasemnyango womuzi wakhe ose-Anderson okuyindawo engamakhilomitha angu-241 ukusuka eSacramento ngesikhathi efika.

Kuthe uma esengena endlini, wabona isemishi elilunyiwe kanye nobhiya ovuliwe.

Uthi waqaphela ukuthi iphakethe likagwayi wakhe lalingekho lapho lihlala khona.

OLUNYE UDABA: Ugwaze uyise, wabulala izingane zakwabo 'obefuna ukusala yendwa endlini'

Ngemva kwalokho wathola owesifazane elele embhedeni wakhe enqunu, wabe esefonela abe-911.

Amaphoyisa athi uMichelle Watkins, 33, wagqoka izingubo zakhe, wahlala phambi komnyango walinda kwaze kwafika amaphoyisa.

Wabe eseboshwa kanjalo ngecala lokugqekeza.

Lona wesifazane kubikwa ukuthi wanikezwa ibheyili ka-$25 000 (okuyimali engalinganiselwa ku-R320 000).

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...