Owesilisa ubulale ngesihluku onqabe umshado

2017-11-09 16:00

Kempton – Iziphathimandla zaseMelika zithi owesilisa wasePennsylvania uklinye owesifazane, wamphula intamo, wamkhipha iso waphinde wamshaya ngembazo ngemuva kokuba enqabe umshado.

UChristopher R Tucker, 34, uthweswe icala lokubulala nokushaya ngenhloso yokulimaza ngokufa kukaTara Serino, 19, ngeledlule.

Amaphoyisa athi isidumbu wasigoqa ngengubo yokulala, wasishiya endlini yakhe, ngaphambi kokuba abalekele e-Illinois, nokuyilapho eboshelwe khona.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele otholakale efake inyoka ebhulukweni

Kubikwa ukuthi uTucker watshela amaphoyisa ngesigameko sokubulala, iziphathimandla ngokuhamba kwesikhathi zathola isidumbu sikaSerino emzini wakhe umsolwa.

Imiqulu yenkantolo ayimdalulanga ummeli kaTucker, kanti usalinde ukubuyiselwa ePennsylvania.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...