Owesilisa ubambe inkunzi ibhange ngesibhamu sethoyizi

2018-03-10 09:22

Maine — Amaphoyisa aseMaine athi owesilisa oneminyaka engu-70 ubudala ubambe inkunzi ibhange ephethe isibhamu sethoyizi.

Amaphoyisa aseSouth Portland athi owesilisa, okuthiwa nguDonald Sturton, ungene ebhange ngoLwesithathu ntambama, wesabisa abasebenzi ngesibhamu agcine engasikhiphanga nokho.

UDetective Sgt. Christopher Todd uthi umsolwa uthathe imadlana, wabe esebalekela lapho kupaka khona izimoto enxanxatheleni yezitolo.

OLUNYE UDABA: Iboshiwe indoda ekhumule yanqunu ebhanoyini

Amaphoyisa athi achazelwe kahle ngomsolwa, nokuholele ekuboshweni kwakhe ngokushesha.

Athi ayithole yonke imali ayebe ebhange kanti futhi ubephethe isibhamu sethoyizi.

Owesilisa uthweswe icala lokuphanga, kanti ugcinwe esitokisini.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...