Owesifazane usolwa ngokubhozomela izingane nendoda wababhokoda ngommese

2017-07-07 09:31

Loganville – Amaphoyisa azithele phezu kwesimo esishaqisayo ngesikhathi ethola izingane ezine ezisencane nendoda begwazwe bashona emzini ongaphandle kwase-Atlanta, eMelika.

Abakwasidlodlo babe sebegaxa umama wezingane ozankosi ukuze ayophendula ngalesi sehlakalo.

“Umuntu wesifazane ochazwe njengomama wezingane uboshwe amaphoyisa kulandela ukutholakala kwalezi zidumbu emzini oseLoganville,” kusho okhulumela amaphoyisa aseGwinnett County,uMichele Pihera, etshela izintatheli endaweni yesigameko.

"Kumanje ugcinwe esitokisini samaphoyisa lapho ephekwa khona ngemibuzo,” kusho uPihera.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ‘osho sakudlala’ ukuthi ubulale izingane zakhe

"Okwamanje sikholelwa ukuthi sibatholile bonke abantu esibadingayo mayelana nalesi sigameko,” esho, enanela ngokuthi akafuni umphakathi ugcwale amanzi emadolweni ucabanga ukuthi kunomuntu oyingozi osagcwele amathafa.

Imibiko yokuqala ikhombisa ukuthi kusetshenziswe ummese kulesi sehlakalo, yize umphumela wokuhlolwa kwezidumbu kuyiwo ozokhipha umbiko oqondile, esho.

Enye ingane iphuthunyiswe esibhedlela ilimele kabi, kuphetha amaphoyisa.

Belingekho icala elivuliwe okwamanje, kusho uPihera.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...