Owesifazane ukhiyele izidumbu zezingane ezingu-6 ezishonile

2017-02-07 10:00

Montreal – Owesifazane waseCanada ulahlwe yicala lokufihla ngenhloso endaweni ekhiyelwayo izidumbu zezingane zakhe ezingu-6 azizalayo.

Lo wesifazane oneminyaka engu-42 ubudala wale waphetha ukuhambisa izingane zakhe ukuze kwenziwe ulibo fuzo, kodwa abaphenyi balwenze khona kunjalo, ngencwadi ebagunyazayo, besebenzisa inabukeni abalithole emzini walo wesifazane. Umphumela uthole ukuthi uyena owazala zonke lezi zingane.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sengane idlwenguliwe

“Zonke lezi zingane maningi amathuba okuthi zazalwa ziphila. Abukho ubufakazi bezingqinamba kulokhu kukhulelwa,” uJaji Murray Thompson usho kanjalo ngesikhathi ethola u-Andrea Giesbrecht enamacala ayisithupha okufihla izidumbu zezingane esezishonile.

Icala ngalinye linesigwebo esingafika eminyakeni emibili ebhadla ejele.

Kodwa-ke uGiesbrecht akazange abekwe icala lokubulala ngenxa yokuthi amathambo ezidumbu abesesimweni esingesihle, nokwenze ukuthi iziphathimandla zihluleke ukuthola imbangela yokufa kwezingane.

Esinye sezidumbu sitholakale sikusimende, kanti esinye simbozwe ngempushana emhlophe.

Ukutholakala kwalezi zidumbu kwenzeka ngemuva kokuthi uGiesbrecht ahluleka ukukhokha irenti endaweni agcina kuyo impahla.

Abasebenzi abasebelungiselela ukufaka endalini impahla bathuka boma sebethola lama thambo.

Kodwa-ke naphezu kwalokhu uGiesbrecht wawaphika amacala abekwa wona enkantolo. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...