Owesifazane uhlukumeze ingane, 1, ethi ulaya uyise ojolayo

2017-04-18 16:00

Texas - Owesifazane waseHouston usolwa ngokumboza ngoplastiki indodana yakhe enonyaka izelwe nokuyishisa isandla wabe esethumela i-video ezihlotsheni.

UJamelle Peterkin, 23, waseHumble, usolwa ngokuhlukumeza indodana yakhe ngoba ecasulwe ubaba wayo kulandela ukuthola ukuthi usenentombi entsha.

Lo wesifazane kuthiwa wathi: "Kubuhlungu ukuthi akhethe ukungijolela ngemuva kokungincenga ukuthi ngibe yintombi yakhe. Kulungile-ke. Singaqhubeka nokudlalana, sibone ukuthi nikufuna kangakanani ukuba ndawonye."

Amaphoyisa athe aseyibonile i-video yomfana ehlukunyezwa kanye nesithombe salo mfana embozwe ngoplastiki ekhanda.

Kule video lo mfana ubonakala ehluleka ukuphefumula, kubonakala isandla somuntu omdala sihlohla uplastiki emlonyeni wakhe kuphinde kubonakale epitshizwa isandla kungathi siyaphulwa.

U-anti walo mfana, uRa'Neicha Broadnax, uthe naye usewabonile ama-video nezithombe ezivela kuPeterkin ezitshengisa lo mfana omncane ehlukunyezwa.

UPeterkin uthweswe icala lokuhlukumeza ingane wadedelwa ngebheyili yemali engu-$15,000 waphinde wayalelwa ukuba angasondeli eduzane nale ngane.

IVIDEO:

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...