Owesifazane ugwetshwe iminyaka engu-50 ngokushisa indodana

2017-03-01 09:32

Maryland – Owesifazane waseMaryland ugwetshwe iminyaka  engu-50 ebhadla ejele ngokunika ingane yakhe ushevu ngaphambi kokuba athungele imoto ngomlilo, ingane yakhe iphakathi.

Imibiko yabezindaba ithi ngaphambi kokuba owesifazane onguNarges Shafeirad, 35, agwetshwe ngoMsombuluko, ukhulume ngokudivosa okungabanga kuhle nangombango welungelo lokuhlala nengane.

Wawavuma amacala akhe okubulala uDaniel Dana ngonyaka odlule.

OLUNYE UDABA: Uvumela intombi yakhe ilale namanye amadoda encenga ukungaliwa

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu yaveza ukuthi uDaniel yiDiphenhydramine aphuziswa yona ngo-2015 eyambulala, kulandela ukuba abashushisi bethe uShafeirad wamphoqa ukuba ayiphuze.

Umshushisi wathi uShafeirad wabe esezama ukwenza sengathi kube yingozi ngesikhathi eshisa imoto inesidumbu sendodana yakhe phakathi.

Amaphoyisa afika endaweni yesehlakalo kanye nabezicimamlilo bathola uShafeirad engaphandle kwemoto.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...