Owesifazane ugqekeze endlini yomrepha odumile washaya isiphuzo

2017-04-19 19:31

Los Angeles – Iziphathimandla zithi kuboshwe owesifazane ngemuva kokugqekeza endlini yesihlabani somculi weHip hop odume umhlaba wonke, uDrake, eSouthern California.

Kodwa-ke kuthiwa lo wesifazane akukho akwenzile ngaphandle kokuphuza amanzi kanye nesiphuzo esihlohlozayo salo mculi.

Iziphathimandla zaseMalibu/Lost Hills Station zibophe uMesha Collins, oneminyaka engu-24 ubudala ngoMsombuluko engaphakathi endlini kaDrake, nokungu-Aubrey Graham igama lakhe langempela.

OLUNYE UDABA: BUKA: UCassper Nyovest uzovula isitolo sokuqala eGoli

Lezi ziphathimandla zinikele kule ndlu zathola uCollins ngaphakathi kanti eduze kwakhe bekukhona amanzi kanye namabhodlela esiphuzo esihlohlozayo obekukule ndlu.

Bekungekho ubufakazi bokuthi kukhona akuthathile nokuthi kukhona umonakalo awudalile.

Lo wesifazane ube eseboshelwa ukungena endaweni yomuntu ngenhloso yokweba. Ube esethola ibheyili ka-$100 000 kanti uzophinde avele enkantolo ngoLwesithathu.

??

A post shared by champagnepapi (@champagnepapi) on

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...