Owesifazane ubekwe icala lokubulala isoka, wafaka isidumbu emgqonyeni kadoti

2018-05-09 18:04

Owesifazane waseVermont ubekwe icala lokubulala isoka lakhe abehlala nalo esizwa ngumama wakhe, kulesi sigameko esenzeka ngonyaka odlule.

Kuthiwa ngemuva kokubulala le ndoda bathukusa isidumbu sayo emgqonyeni kadoti owawusegcekeni isikhathi esiyizinyanga ezimbalwa ngaphandle kokusintshinga ehlathini.

U-Erika Guttilla, 31, kulindeleke ukuba abekwe icala ngokusemthethweni ngoLwesibili eSt Albans.

Yena noCorey Cassani, 28, baboshwa kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe uTroy Ford, 35, waseBrooklyn, eNew York.

Isidumbu sikaFord satholakala ehlathini ngempelasonto, eHighgate.

Amaphoyisa athi uFord ubehlala noGuttilla emzini wabazali balo wesifazane oseHighgate.

UGuttilla unqatsheliwe ibheyili kanti uCassani yena unikezwe eka-$25 000. Akwaziwa noma banabo yini abameli.

Umama kaGuttilla oneminyaka engu-60 ubudala, uliphikile icala lokuba nesandla kulesi sigameko ngesikhathi evele enkantolo ngoMsombuluko.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...