Owasinda engozini yebhanoyi ubambe i-jackpot

2016-08-11 17:36

Dubai – UMohammad Basheer Abdul Khadar, ongowaseNdiya kodwa ohlala eDubai, uwine i-lotto ngemuva kwezinsukwana esinde engozini yebhanoyi.

Esikhathini esingangesonto asinda ibhanoyi livutha umlilo ngesikhathi lihlala esikhumulweni sezindiza eDubai ngemuva kwalokho uwine u-$1m (okuyimali elinganiselwa ku-R13.3m), kubika iGulf News.

Le ndoda eneminyaka engu-62 ubudala yayilibhekise kwayo iphuma eholidini nomndeni wayo eNdiya ngesikhathi ibhanoyi iBoeing 777 ababehamba ngalo livutha umlilo linabantu abangu-300 phakathi.

Funda nalolu daba: Kushone 21 kuqhuma isiphehli sikagesi

Isehlakalo senzeke ngoLwesithathu olwedlule kwaphoqeleka ukuba kuvalwe isikhumulo sezindiza amahora amaningi,  kwashona ilungu labezicimamlilo kuphela kulesi sehlakalo.

Ngemuva kwezinsuku eziyisithuba uKhadar uthole ukuthi ithikithi alithenga esendleleni ebheke eNdiya liwine u-$1m.

Uthe nakuba ehola imali elinganiselwa ku-$2 200 (u-R29 000) ngenyanga emsebenzini awenzayo, uzoqhubeka nokusebenza ngoba kumnandi ukudla izithukuthuku zakho.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...